IRichards Bay FC isiqinisekise ukuthi umqeqeshi u-Ronnie Gabriel wesulile esikhundleni sakhe futhi eshiya umsebenzi khona manje
Lokhu kuqeda isikhathi sakhe njengomqeqeshi oyinhloko ngemuva kwamasonto ambalwa kuqala isizini ka2026/27 yeBetway Premiership.
UGabriel waqokwa ngoJulayi ukuba ngumqeqeshi oyinhloko okokuqala kuleli qembu.ngemuva kweminyaka eyingxenye yethimba labaqeqeshi.
Phambilini ubesebenza njengephini likaPitso Dladla. UVusumuzi Vilakazi.uKaitano Tembo. NoBrandon Truter.
Ubuye wasebenza ethimbeni labaqeqeshi abathathu ebebesebenza ngokubambisana noPapi Zothwane.noSiboniso Gumede
Leli thimba lasiza iRichards Bay ukuthi liqede lisendaweni yesishagalombili ngesizini ka2024/25 ngaphambi kokuthi liqede endaweni ka-11ngesizini edlule.
Esitatimendeni esimemezele lezi zindaba .iRichards Bay .ithe iyambonga u-Ronnie Gabriel ngomsebenzi wakhe kuleminyaka
“Ikilabhu izwakalise ukubonga kwayo okusuka enhliziyweni kumqeqeshi uGqbriel ngokuzinikela kwakhe .ubungcweti negalelo lakhe “kusho ikilabhu.
Ukusuka kwakhe kuza ngemuva kokuqala kabi kweqembu kule sizini kulandela ukushiya kukaZothwane.
IRichards Bay ayikanqobi emdlalweni eyisithupha yeligi.inamaphuzu amathathu kuphela ngemuva kokudlala ngokulingana kathathu .nokuhlulwa kathathu.
Ingcindezi ikhule kakhulu ngemuva kokuhlulwa ngo5-1 yiMilford FC ngesonto eledlule.
Ngokusho kwe-Richards Bay ozolandela u-Ronnie Gabriel uzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
Kodwa ke sekuke kwavela ukuthi leli qembu lisezingxoxweni no-Adnan Beganovic obesebenza kwi TS Galaxy ngesizini edlule
