October 20, 2026
2544

Unozinti weMamelodi Sundowns u-Ronwen Williams unikele umklomelo wakhe wokuba ngumdlali ovelele kubo bonke onozinti baseNingizimu Afrika

Ukudlala kahle kukaWilliams kusize IDowns yanqoba iMilford FC ngo 2-0 ngolwesithathu ebusuku

Ukudlala kahle kwakhe kumsize akangangenelwa igoli emdlalweni weBetway Premiership .

UWilliams uvimbe kahle futhi wasebenzisana kahle nezitobha zakhe ukuncisha iMilford igoli.

Lomklomelo ufike ngesikhathi lapho lo nozinti ebhekene nokugxekwa okukhulayo

Abanye abalandeli bese belibeke ngembaba elokuthi uWilliams usekwenze konke .futhi sekufanele ake aphunyuzwe.

Nokho u-,Ronwen Williams uphendule ngokudlala kahle wabonisa ukuzethemba okukhulu kulo mdlalo wangolwesithathu eLoftus Stadium

Ngemuva ko mdlalo lo kaputeni weBafana Bafana ukhulume ngengcindezi ebhekene nonozinti

Uthe ukugxekwa akukhona into ebhekene naye kuphela.

UWilliams uphinde wasebenzisa leli thuba ukukhuthaza abanye onozinti ukuthi baqhubeke nokusebenza kanzima.

“Lo mklomelo wonyango wonozinti ” kusho uWilliams kumabonakude.

“KuDenis (Onyango) .iRicardo (Goss) iReyaad (,Pietersen) ikakhulukazi kumqeqeshi uKennedy Mweene.

” ngaphezu kokugxekwa esikutholile .siyaqhubeka nje.futhi akukhona lapha kuphela kukuyo yonke iligi”

Ubalule nonozinti abayizimbangi zakhe eqenjini lesizwe ethi uyaziqhenya ngabo futhi ufuna baqhubeke nokuzikhandla

“Ngifuna uSipho Chaine aqhubeke nokusebenza futhi enze konke okusemandleni .

“Naku Brandon Petersen .ube nesizini emangalisayo ngesizini edlule .kodwa manje ubhekene nezikhathi ezinzima

“Kodwa uzobuyela kulelo zinga futhi yilokho okwenzeka emsebenzini wonozinti.

“Ngiyaziqhenya ngabo bonke onozinti futhi ngihlale ngibakhuthaza ukuthi baqhubeke

“Kumele siqhubeke nokuziphusha ngoba umsebenzi wethu uya ngokuya ukhula.

“Sishintshe nendlela onozinti ababukwa ngayo manje.

“Ngijabule nje.futhi lona ngumklomelo wabo bonke onozinti ”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *