October 21, 2026
images

U-Aubrey Modiba weMamelodi Sundowns uthi abakalilahli ithemba ngesicoco seBetway Premiership futhi basathemba ukuthi i-Orlando Pirates izophinde iqhuzuke.

ISundowns njengamanje igxile emdlalweni wamanqamu weCaf Champanion league.

Futhi ukuthi iBetway Premiership iphelelaphi akusekho ezandleni zabo manje

UModiba ushaye igoli elilodwa ngesikhathi iSundowns ihlula i-As FAr ngo 1-0 emlenzeni wokuqala wamanqamu weChampanions league.

Kodwa uthi ngesikhathi iMamelodi Sundowns igxile kule ndebe iso elilodwa libheke i-Orlando Pirates.

IPirates ibanjwe iDurban City ngo0-0 ngomqgibelo_ okuwumphumela ogcina amathemba eSundowns ephila.

UModiba uvumile ukuthi abadlali bebewubuka umdlalo wePirates futhi umphumela ubaqinise idolo.

“Yebo kusobala ukuthi ngesikhathi kudlalwa besiwubuka lowomdlalo “kusho uModiba.

“Ngesikhathi bedlala besisenethemba sihlala sinethemba ukuthi kungenzeka noma yni.

“Kodwa siyayazi nekhwalithi ye -Orlando Pirates nokuthi bayifuna kangakanani iligi._”

Yize i-Orlando Pirates iseyizintandokazi ukunqoba iligi.iMamelodi Sundowns ayiakalilahli ithemba ngokuphelele.

Amabhakaniya asadinga ukunqoba uma esebhekene ne-Orbit College emdlalweni wokugcina ukuze abe ngompetha.

UModiba uthi iSundowns isazoqhubeka nokukholelwa kuze kube sekupheleni

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *