October 20, 2026
G4nEiM5XUAAQPMF

UFarouk Khan umhlaziyi webhola ohlonishwayo eNingizumu Afrika noke waba umqeqesh weakaizer Chiefs uthi ukunqoba kwaleliqembu kube inhlanhla.
Ekhuluma kwiSoccer Zone Beat ngemuva komdlalo UFarouk uthe ukudlala kwe Kaizer Chiefs akuzange kugculise nakancane

Kodwa yize kunjalo. Amakhosi akwazile ukuhamba namaphuzu amathathu ngemuva kokushaya iDurban City ngo1-0 kulomdlalo weBetway Premiership obuse Moses Mabhida Stadium ngolwesihlanu ebusuku.

” uma ubuka indlela edlale ngayo futhi ukubuka ngeso lokungenzeleli .uzobona ukuthi kuzenzekele nje’kusho uKhan.
Ngiqonde ukuthi uma ubheka umdlalo wonke kusukela ngomzuzu wokuqala iChiefs ibibukeka ithembisa kodwa bekulula ukuyihlonza ekuzamayo.

Kube ngumgadli ongene esiwombeni sesibili uFalvivo Da Silva oshaye igoli elibalulekile eliwinise iChiefs kulomdlalo

Leligoli lakhe ulishaye ngomzuzu ka-87 engqofela enethini ngobuxhule ibhola ebeligotshelwe ngu Gaston Sirino .
Kodwa ke wonke umuntu othanda iChiefs uzowamukela amaphuzu amathathu ngoba ukuba umphumela awuhambanha kahle abadlali bebezosala bephoxokile futhi bedangele
Njengoba amaphuzu abalulekile esikhwameni.Amakhosi Amakhoai manje asebheke emdlalweni olandelayo lapho ezosingatha khona i +Orbit College e -FNB Stadium ngolwesibili ebusuku

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *