October 19, 2026
Khuliso Mudau 2024-25 season.jpg

Isihlabani seMamelodi Sundowns UKhuliso Mudau usegcine ekhulumile ngamahlebezi ammantanisa .me -Orlando Pirates.

Bekunamahlebezi ashubile ngalo mdlali oseqopheleni eliphezulu njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.

Imibiko iveze ukuthi UKhuliso Mudau uzojoyina i -Orlando Pirates ngalo leliwindi lamaphakathi nesizini noma ekupheleni kwesizini.

Kodwa manje uKhuliso Mudau usekhulumile ngalokhu kuqagela .futhi uthi lamahlebezi naye amshaqisile.

” Ngithole ngalokhu njjengawo wonke umuntu” kuvuma uMudau ekhuluma nabeSundowns.

_”kunomngani owangithumella okuthile ethi ngiya kwi-Orlando Pirates .I eqinisweni angazi lutho ngakokho_

Lomdlali oneminyaka engu-30 ube yikhongo elibalulekile empumelelweni yeSundowns kusukela eyijoyine esuka kwiBlack Leapard ngo2020

Kumasizini angaphezu kwamahlanu ekwiMamelodi Sundowns usedlale imidlalo engaphezu kwa150 washaya amagoli ayisikhombisa wasiza ekwakheni ayisithupha

Useqoqe indathane yezindebe okubalwa kuzo ne-African footbal leugue qbayinqobe ngo2023

Umgqigqo wakhe kwiSundowns uphinde wamenza waba isethenjwa nakumqeqeshi webafana bafana uHugo Broos

UMudau odlale emiqhudelwaneni yokugcina yeAfcon futhi wabamba iqhaza elibalulekile iNingizuma Afrika iqeda endaweni yesithathu e-iVory Coast ngo2023

Phezu kwalamahlebezi uMudau ugcizelele ukuthi ukugxila kwakhe njengamanje kukwiSundowns ngokuphelele futhi uyayichitha eyamahlebezi amkhomba kwi Pirates.

‘Ngigxile kwiMamelodi Sundowns ngokugcwele.inhliziyo yami ilapha ngokuphelele”kuqhuba uMudau

“Kunezinto eziningi engifuna ukuzizuza naleliqembu futhi ngisize siqhubeke nokunqoba’

Nesikhulu esibhekelele ezokuxhumana uShupi Nkgadimeng siwachithile lamahlebzi sathi ayinganekwane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *