October 19, 2026
images (3)

Umqeqesho we -Orlando Pirates .u+,Abdeslam Ouaddou.usechaze ukuthi kungani uTshepqng Moremi no+Patrick Maswanganyi bebengekho emdlalweni weMTN8 emdlalweni weMTN8 neSekhukhune United.

Laba badlali bobabili bebengekho eqenjini lePirates elishaye iSekhukhune United ngo1-0 emlanzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu.ngoMgqibelo.

U-Ouaddou uthe iMoremi ubengekho ngenxa yokulimala okuncane akuthole emdlalweni odlule .

Uthi banqume ukumvikela ukuze angagcini eselimale kakhulu

“UMoremi uthole ukulimala emdlalweni odlule.ngakho besifuna ukumvikela ‘kusho u-Ouasdou.

Lo mqeqeshi uthe unethemba lokuthi lo mdlali uzobe esekulungele ukudlala emdlalweni olandelayo neSekhukhune.

Nokho udaba luka Patrick Maswanganyi lusalolhu lungacacile .futhi i-Abdeslam Ouaddou uthe akakwazi ukunikeza imininingwane ngokungabibikho kwakhe.

Uveze nokuthi lo mdlali akalimele futhi ubekhona kodwa akazimisele ukukhuluma ngodaba angalwazi kahle..

“Ngomunye umdlali angikwazi ukusho okuningi ngodaba lwakhe .akalimele “kusho yena.

‘Ubekulungele ukudlala kodwa angikwazi ukukhuluma ngento engingayazi kahle”

Ukungabikho kukaMaswanganyi kuzodonsa amehlo njengoba kunamahlebezi okuthi khona iqembu langaphandle elimfunayo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *