Sekuvele ukuthi i-Golden Arrows isihlukane nomqeqeshi wayo uManqoba Mgqithi njengoba iqhubeka nokwenza izinguquko ethimbeni labaqeqeshi ngaphambi kwesizini ka2026/2027 .
Leli qembu laseThekwini kuthiwa seliqede ubudlelwano balo noMngqithi ngemuva kwehlandla lakhe lesithathu .
Akuyena kuphela oseshiyile njengoba nabebengamaphini akhe sebeshiyile. OKagiso Dikgaco.noMusa Bilankulu .nomqeqeshi wonozinti uMarcus Mashilo .nabo sebekhonjwe indlela
Yize sekukhona lezinguquko .iGolden Arrows ibe nesizini enhle.
Abafana besithende baqede endaweni yesithupha kwiBetway Premiership futhi bafinyelela kowandulela owamanqamu kwiMTN8 neCarling Knockout.
Ukushiya kukaManqoba kuze ngesikhathi igama lakhe belimataniswa nomsebenzi weKaizer Chiefs.
Nokho .lawo mahlebezi abonakala esephelile njengoba kubikwa ukuthi Amakhosi asondele ekuqokeni kuka Fernando Da Cruz njengomqeqeshi omusha
UMngqithi ushiya i+Arrows njengomunye wabaqeqeshi abaphumelele kakhulu emlandweni walekilabhu.
Uhole iqembu emdlalweni engu-184 kumahlandla amathathuehlukene futhi uselokhu enguye yedwa umqeqeshi osenqobe indebe enkulu nayo ngesikhathi ethola iMTN8 ngesizini ka+,2009/10
Ukushiya kwakhe kushiya imibuzo eminingi ngokuthi ubani ozothatha izintambo nokuthi ikusasa lakhe libhekephi njengoba kusondela iisizini entsha
