Kuvele kwacaca ukuthi kuningi okusemqondweni womdlali weChippa United uSinoxolo Kwayiba oyisize inqoba ngo2-0 kwiDurban City
USinoxolo uye oshaye womabili amagoli kulomdlalo obuse Buffalo City. Stadium ngomgqibelo ntambama.
Nokho ubonakale enomunyu eqeda ukushaya igoli lokuqala kuvele kwacaca ukuthi kukhona okungamphethe kahle emoyeni.
Phela uSinoxolo Kwayiba uqale isizini engomunye wabadlalli abasha kwi-Orlando Pirates futhi kubhekwe lukhulu kiye
Naye kufanele ukuthi ubezitshela ukuthi leli ithuba lakhe lokuvelela eqenjini elikhulu
Kodwa ubuyiselwe kwiChippa unomphela ngojanuwari esadlale imidlalo embalwa kwiPirates okuyinto okucacayo ukuthi yamphoxa kakhulu
” ngibonga umdali ngalesikhathi.ngijabule kakhulu* kusho uKwayiba ngemuva komdlalo aqokwe kuwo njengomdlali ovelele kuwo.
” ngizwa nomunyu kodwa akusona isikhathi salokho lesi ngijabule kakhulu impela.
Ubuziwe ukuthi kungani ebekhala ekubeni eqeda ukwenza umsebenzi omuhle kangaka.
“Okungenza ngijabule wukuthi izimo ezinjena kade zenzeka emsebenzini wami webhola.
” kpdwa besesiside isikhathi ngagcina ukudlala kpdwa manje sengibuyele ekhaya
“Ngiyazazi ukuthi nginekhono lokushaya amagoli yilokho okungijabulisayo.nangesikhathi ngijabulela igoli bengikhala ngaphakathi ngoba ngizwa umunyu”
Njengpba esebuyele emgqigqweni wakhe owaheha ezimnyama ukwayiba uzokwethemba ukushaya amagoli
Emdlalweni olandelayo iChippa United izovakashela yona iDurban City emdlalweni weNedbank Cup ngesonto elizayo
