Iqembu lesizwe laseNigeria lithwalise kanzima iqembu lesizwe iBafana bafana obekulindeleke ukuthi izidlele amahlanga emva kokushaya iqembu lesizwe lase lesotho ngamagoli amathathu eqandeni. Nanamuhla ngo 6 kwigrawondi elifanayo okwakudlalelwa kulo itoyota stadium ebloemfontein bekulindelwe lukhulu kwatholakala ukuthi iqembu lasenigeria aligayelwa mphako akuthusanga uma umbekezele mbokazi eba umdlali ovelele emva kokuvimba abadlali basenigeria sekuvalwe amehlo unkotha obe nomdlalo ubethi ushaye igoli umdlali wasenigeria u Ekong umkhonto wagwaza ekhaya ngomzuzu 23 sekuzophela isiwombe sokuqala ibuyile futhi inigeria yagcina ilivalele phakathiisiwombe sesibili iqembu lokuhamba ilona ebeselivuke umbhejazane bese kufanele idifensi ye bafana bafana izibambe ziqine bese zilokhu ziphungana okwenze umdlalo wagcina uphele ngedraw nokho isephezulu iBafana Bafana ngamaphuzu awu 17 emidlalweni ewu8 kanti inigeria inamaphuzu awu 11 emidlalweni elinganayo neyebafana bafana kuzoyiphoqelela ukuthi inqobe umdlalo owodwa ibafana bafana ukuze ikwazi ukuya kwindebe yomhlaba esemelika ngonyaka ozayo kodwa kwi caf ibafana bafana noma kanjani iyaya emoroco kanti ibafana yagcina ukunqoba ukuya kwindebe yomhlaba ngo 1998 kanye no 2002 ngeke siwubale u2010 ngoba indebe yomhlaba yayila eningixumu afrika kodwa ke amathuba makhulu ukuthi iphumelele ukuya kwindebe yomhlaba
