IChicago Fire isikiqinisekile ukusayinisa kwayo umdlali wasemuva we-Orlando Pirates uMbekezeli Mbokazi.
UMbokaz ujoyine leliqembu le-MLE ngenkontileka eyoze iphele ngo+2029 kanti inombandela wokwelula ngomunye unyaka uma iphela.
Umqeqeshi weChicago Fire uGregg Berhalter wamukele lomdlali wasemuva waseningizimi Afrika wathi UMbokazi uletha ubuholi umbango wezindawo nomthelela eqenjini.
“Sijabule ukwamukela uMbekezeli ekilabhini njengoba siqhubeka siqinisa udonga lwethu lwasemuva ” kusho uBerhalter.
Emsebenzini wakhe osemusha usebonise amandla aphezulu futhi wazibonakalisa engumholi oqinile kanye nomdlali omuhle ezingeni lamazwe ngamazwe.
Silindele umthelela osheshayo kuye nokuthi aqhubeke nokukhula.
UMbekezeli usedlale imidlalo engaohezu kuka-35 kwiPirates-kwiBetway Premiership.iCaf Champanions league.Mtn8.iCarling Knockout neNedbank Cup.
Uphakamise isicoco sika-2025 seMtn8 ngemuva kokuthi ezimnyama zishaye iStellenbosch ngo3+0 kowamanqamu.
Ezingeni lomhlaba.lomfana usemele iNingizimu Afrika ka+under 20 naseqenjini elikhulu iBafana Bafana amahlandla ambalwa.
Ubeyinxenye yeqembu eliwine iCosafa under 20 cup ka2024 .ube esedlala okokuqala kwiBafana Bafana ngo2025 Meyi ngesikhathi benqoba kwimozambique ngo2-0
Njengamanje useyinxenye ebalulekile yeqembu kika Hugo Broos futhi useqenjini eliya kwiAfcon eMorroco ngasekupheleni kwalenyanga.
Kulindeleke ukuthi andizele e Us ngemuva kwe Afcon.uzodlala umdlalo wakhe wokugcina kwi Pirates kowamanqamu weCarling Knockoutngomgqibelo
