ISiwelele isemkhankasweni wokuqoka umqeqeshi omusha ozothatha indawo kaLehlohonolo Seema .
Le kilabhu isibambe izingxoxo nabaqeqeshi abaningana ngenhloso yokuzinzisa iqembu ngemuva kokuhlukana nomqeqeshi wayo.
ISABC sport ibika ukuthi umqeqeshi waseFrance .u-Alexander Lafitee .usengomunye wabahamba phambili ohlwini lwabafunwayo.
Futhi sekuke kwaba nezingxoxo naye njengoba iSiwelele ibheka izinketho zayo.
ULafitee wafika kwiBetway Premiership ngesizini edlule ngesikhathi ejoyina iMarumo Gallants.
Kodwa isikhathi sakhe eNingizimu Afrika saba sincane ngemuva kokumiswa ikilabhu ngezinsolo zokungalaleli imiyalelo.
Manje usephinde wavela ohlwini lwe-Siwelele FC njengoba ikilabhu ifuna ushintsho ebhentshini
UGodfrey Mosoetsa uswthathe izintambo okwesikhashana ngemuva kokuhamba kukaSeema
Kodwa ngemuva kokuhlulwa iMamelodi Sundowns ngo3-0. ngolwesithathu uveze ukuthi akanayo. Inhloso yokuba ngumqeqeshi unomphela.
ISiwelele ibheka nabaqeqeshi bakuleli abanolwazi lwePremier Soccer league kodwa uLafittee uhamba phambili. Njengamanje.
Okuphuthumayo umdlalo neGolden Arrows ngesonto efree-State+Stadium
ISiwelele FC inethemba lokuthatha isinqumo maduze njengoba ithole amaphuzu amabili kuphela emdlalweni yayo emihlanu yokuqala yeligi
