October 22, 2026
Flavio Silva and Pule Mmodi, Kaizer Chiefs.JPG

IKaizer Chiefs isinikeze abalandeli bayo baKwaZulu Natal ithuba lokubuka leli qembu bukhoma emdlalweni walo wokugcina weBetway Premiership kule sizini.

Umdlalo wamakhosi neChippa united ngeke usaba seFNB Stadium njengoba bekukade kubikiwe phambilini.

Lo mdlalo usuzoba senkundleni yodumo iMoses Mabhida Stadium eThekwini lapho Amakhosi ejwayele khona ukuheha abalandeli abaningi .

Lesi sinqumo simiselwe ukusondeza Amakhosi kubalandeli bawo baseKZN abangavamisile ukuthola ithuba lokubona iqembu labo bukhoma

Amathikithi alo mdlalo kulindeleke ukuthi adayiswe aphele njengoba iKaizer Chiefs yaziwa ngokwesekwa kahle eThekwii

Kodwa ngaphambi kwalowo mdlalo Amakhosi asenemidlalo emithathu okufanele ayidlale

Azoqala ngesivivinyo esinzima emdlalweni la ezobhekana ne Mamelodi Sundowns ngolwesithathu ebusuku

Lpmdlalo ungase unqume ukuthi isicoco siyakuphi njengoba umphumela wawo ubaluleke kakhulu embangweni waso

Uma iChiefs ingayishaya iSundowns kungabe yenzele omakhelwane bayo ezmnyama ufefe olukhulu

Kodwa uma ethola induku kuyobe sekucacile ukuthi isicoco sibuyela kubo kwaso eChloorkop la sivele besikhona kwisizini edlule

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *