IChippa United seyikuqinisekile ukuthi seyehlukene nonozinti wayo ohamba phambili waseNigeria uStanley Nwabali
Leliqembu lase Gqeberha likhiphe isitatimende liveza ukuthi UStanley Nwabali uyashiya kulona futhu sebevumelene ngalokho.
Uma ebuzwa unozinti ukuthola isizathu esenze bahlukane isigubhukane kanjena.
*Hayi akuxatshwene neze ” kusho yena kube wukufika kwesikhathi sokuthi sihlukane ngokuthula neChippa United ”
Ebuzwa ngokuthi njengoba ecele ukukhululwa likhona yini iqembu asethole kulo umsebenzi uvele wanikeza impendulo ejwayelekile.
” Hayi njengamanje alikho iqembu engikhuluma nalo noma eselingisayinisile ” kuqhuba UNwabali.
Leliqembu libonge uNwabali ngomsebenzi awenzele lona ngesikhathi ekulo kusukela ku -2022
Ngesikhathi sakhe kwiChippa uStanley Nwabali uphenduke isethenjwa naseqenjini lesizwe laseNigeria.iSuper Eagles la asedlale khona imidlalo engu-35
Yize engafunanga ukuphawula ngekusasa lakhe okwamanje.kodwa kuzokhumbuleka ukuthi uke wamataniswa namaqembu amakhulu kuleli
Uke wakhonjwa kwiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns phambilini kodwa kwabuye kwaphelela emoyeni.
