ichiefs igcine ifike esiphethweni ngodaba lukamqeqeshi uNasreddine Nabi.ebese enesikhashana engekho kungaziwa nokuth kogcina kwemzakaleni.
Unabi ubuyele kwelakubo eTunisia esanda kubuya kulelizwe.
ngenkathi ehamba okokuqala isizathu kwabe ukuba seduze komkakhe owayelimale engozini yemoto.
Ngaphambi kokuthi ichiefs idlale umdlalo wokuqala weCaf Confedaration Cup.uNabi ufulathela amakhosi.
Emva kokuthi iChiefs ithelwe induku iSekhukhune United ngo3-1 kumdlalo webetway Premiership
iChiefs isiqinisekile ukuthi uNabi akekho eNaturena yangaphumela obala ukuthi babangeni nomqeqeshi.
kuzobamba uKhali Ben Youseff noCedric.okungamaphini afika noNabi kumakhosi.
iChiefs isigcine icacisile ukuthi uNabi akasabuyel eNaturena
Amakhosi noMqeqeshi uNasreddine Nabi bangakuqinisekisa ukuthi ngemuva kokuxoxisana sebevumelene ukuthi inhloko ihlukane nesixhanti kusho isitatimende seChiefs.
iqembu liyabonga kuNabi ngakwenzele lona eseqenjini futhi limfisela inhlanhla lapho ephokophele khona.
Umqeqeshi uNabi ubonge kakhulu kwiChiefa.ubuholi bayo.abasebenzi.abadlali nabalandeli.ngokuzimisela nokumeseka ngesikhathi sakhe eseqenjini.
ikaizer Chiefs ikhiphe isitatimende lapho iqinisekise ukuthi amasekela kaNabi uBen noKaze bazoqhubeka baqeqeshe iqembu kuze kuphele isizini ka2025/2026
IChiefs izobuyela enkundleni ngokubhekana ne AS Simba yaseCongo emdlalweni womzulwiswano wesibili weCaf Confirdaration Cup ekuhambeni ngempalasonto ka October17-19.
Bese ukuthi umlenze wesibili uyoba sefNB Stadium ngo October 24-25 uma inqoba lapho izodlulela esigabeni samaqoqo
