ompetha beDstv Diski Challenge ikaizer Chiefs.iizotholana phezulu neqembu laseNgilandi IManchester United njengenxenye yeDDC International Tour ngenyanga ezayo.
IPremier Soccrr League(PSL) iyona ememezele lezindaba ngokubambisana neMulti Choice ngolwesithathu ntambama.
lesimemezelo size emva kokuba Amakhosi enqobe IDDC okokuqala emlandweni. ekuqaleni konyaka emva kokuhlanganisa amaphuzu angu-70 leli okuyirekhodi elisha kuleligi.
Njengenxenye yomvuzo wawo Amakhosi azovivinyana ne Man United.Leeds United.neQueens Park Ranges under-21 ohambeni lwezinsuku ezingu- 11 lwase united kingdom oluzoqala ngo November25 luphele ngo December7.
iChiefs izofika Le kwelaseNgilandi ngomhlaka26 bese ifika eManchester lapho izoznza khona
Amakhosi umdlalo wabo wokuqala bazowudlala neMan United ngomhlaka+28 November bese kulandela iLeeds United ngolwesibili kuDecember2.
uhambo lwabo bayoluphetha ngomdlalo wokigcina ngoDecember6 ne QPR.u21
Ngaphezu kwalokho uhambo lwabo luzobe lumbandakanya ukuvakashelana ngokushintshana neMan United kanye neLiverpool.
leliqembu lizothamela we English Premier League phakathi kwe Leads United ne Chealsea fc. Babuye bavakashele namahovisi ePremier League.
ubudlelwano phakathi kwePSL neMulti Choice buqinile nokukhulisa ezemidlalo emphakathini lokhu kuyenza ilokhu imile njengethemba kubadlali abasafufuaa kuqhuba isitatimende sePSL.
