Iningizimu Afrika iyiqale ngonyawo olulodwa imidlalo yendebe yoMhlaba yosuku olulodwa ngemuva kokunenebulwa yiEngland ngamawikhethi ayishumi. e Barsapara Criket Stadium e a India ngolwesihlanu
Amaproteaas aphume wonke esehlanganise ama-run angu-69 kuphela kulomdlalo. Lesi isibalo sesibili esincane ukuhlanganiswa iqembu laseningizimu Afrika kwindebe yomhlaba.
I England iwine ithosi yakhetha ukushwiba kulomdlalo.ilkhiphe amaProteas kuma-over angu-20.4 nobekusho ukuthi badinga-70 ukuze inqobe.
Bekubhilite u Linsey Smith obewamise lubhojozi amaProteas .wagcina ethathe amawikhethi amathathu .Ugcine futhi lomshwibi eqokwe njengomdlali ovelele
Abanye abashwibe kahle kwi-England.Mat Sciver.Brunt
.ukaputeni.noCharlie Dean.abathathe amawikhethi amabili emunye.
kubadlali baseNingizimu Afrika kuzame uSinalo Jafta ophume esenawikhethi angu-22
laba abanye baphume bengakwazanga ukufinyelela kuma-run ayishumi.
i England iqale kahle uTammy Beaumont(18*) no-Amy Jones(40*) bangavuma ukuphuma kuma -over okuqala
labo baphethe baze bayoqeda.kwacaca inkinga yokubhetha beyihlasele iNingizimu Afrika kuphela kwi- innings yokuqala.
Ekugcineni i England. Iqede konke ngamaProteas kuma-over angu-14.2. Yangalehlekelwa nangeyodwa iwikhethi.
kufanele kuwakhathaze amaProteas ukuth enze kabi ebhetha. aphinde ahluleka ukuthola iwikhethi yokubika kulomdlalo.
Emdlalweni iqembu lakuleli lizobhekana neNewzeland ngomsombuluko kuzoba nzima ngoba neNeweland ishaywe yi Australia emdlalweni wokuvula.
ukaputeni wamaProteas uLaura Wolvaard.uthe uma usemqhudelweneni omkhulu kumele umqondo wakho usheshe emdlalweni onjengalo.
