Sekuvele imininingwane emisha ngesehlo esithinta iphini lomqeqeshi weMamelodi Sundowns .uSteve Kompela.nomqeqeshi weWiliete SC yase-Angola .uBeto Bianchi.
Lesi sigameko senzeke ngemuva komdlalo weCAF Champanions League ophele zibambene ngo 0+0 ngeSonto.
UBiachi kubikwa ukuthi ugcine ephuthunyiswe esibhedlela .kodwa imininingwane egcwele ngokwenzekile ayikacaci.
Ngokusho kukaRobert Marawa ohlelweni lwezemidlalo .uKompela umchazele ukuthi yini emcasule kwaze kwafika lapho ehluleka khona ukuzibamba.
UMarawa uthi uKompela uzizwe edelelwa ikakhulukazi ngenxa yamazwi athi abeshuwo ebhekiswe kuye,ngesiPutukezi.
“Kungakhathalekile ukuthi umuntu ubekezela kangakanani .ubuthaka bakhe obukhulu ukungahlonishwa .nokucwaswa. Okuyinto athi yenzeka kuye”kuchaza uMarawa.
Uthi u-Steve Kompela uthe uwazwile amazwi abeshiwo yilo mqeqeshi ngesikhathi emthuka ngesiPutukezi. Ulimi aliqonda kahle.
UMarawa uthe akakwazi ukuphinda lawo mazwi emsakazweni kazwelonke.
Kodwa uveze ukuthi uKompela uthe uzizwe ehlazeke kakhulu ngesikhathi ethi uBianchi uze wamkhafulela.
Ngokuchaza kukaMarawa .uKompela uthe ngemuva komdlalo ubeyoqapha.abadlali abebezilolonga .okuhlanganisa nalabo abebengadlanga emdlalweni.
Kuthiwa uBianchi ubemlindile kwathi lapho uKompela esebuya.wamvimbezela
UMarawa uphinde wathi kube khona ukungezwani phakathi kwabo nangesikhathi sekhefu lomdlalo.
” lo mqeqeshi ubemlindile njengoba isigameko esifanayo besenzekile nangesikhathi sekhefu.
“Ube esephinda emlinda .wamlandela uma esengena ngaphakatho eya egunjini lokushintshelq “kuchaza uMarawa
Uqhube wathi u-Steve Kompela uvumile ukuthi uhluthukile .wahluleka ukuzibamba kodwa uthi ubezivikela
“USteve uyavuma ukuthi uhluthukile ngoba bekumele azivikele ngoba le ndoda beyisimdelele kakhulu “kusho uMarawa
“Uthe udelelwe ngalendlela yokuthi ahluleke ukuzibamba
“Uthe ayikho enye indlela.ebengenza ngayo ngaphandle kokwenza akwenzile
