I-Orlando Pirates igudluze iKaizer Chiefs esicongweni se-log yeBetway Premiership ngokwehlula iChippa United izolo ntambama ekings Park Stadium Ethekwini.
Amagol ashaywe nguGamphani Lungu.Lebone Seema.noDaniel Msenadami esiwombeni sesibili .Ngalokhu ezimnyama zenyukele esicongweni se-log lapho sezibambene khona neChiefs .naMazulu ngamaphuzu ayisikhombisa .ziphezulu ngenxa yokuba namagoli amaningi.
Emva komdlalo .umqeqeshi wezimnyama u-Abdeslam Ouaddou .uthe bajabule ngendlela abadlali bakhe ababuye ngayo emva kokubagxeka esigangeni bebambana naMazulu ngesonto eledlule.
“Abadlali bami badlale kahle kakhulu namuhla .uma ubaba noma umama ethetha ezindlini zokushintshela ubani owazi kangcono umqondo wabadlali bami phakathi kwami nabo?Abantu bakhuluma kakhulu bethi umqeqeshi akakwazi ukukhuluma kanjalo kwabezindaba .kwesinye isikhathi kufanele uqinise isandla kubafana bakho ukuze badlale kanje” kusho u-Ouaddou kwiSupersport.
Ngesonto eledlule .lo mqeqeshi ugxeke abadlali ababeyibambe kwiBafana Bafana kwindebe yomhlaba ngokuthi kufanele bavuke emaqandeni basize iqembu .usikaze nokubagquma rbhenstshini kuze kube ngu Okthoba .kulaba badlali uTsepang Moremi ubengabonwa nangokhalo.u-Oswin Appollis .noKamohelo Sebelebele.Sipho Chaine.noNkosinathi Sibisi bawuqalile umdlalo.
Isiwombe sokuqala sigijinywe saze saphela kungekho minyakazo etheni ezinhlangothini zombili .
Kwesesesibili .uMaswangayi uyeke ithuba sisanda kuqala kwaze kwalamula uLungu ngomzuzu ka-60 .okulandelwe ngelikaSeema ngoka-64
Emva kwalamagoli iPirates iqalile yadlala kwaze kwavela igoli lesithathu ngoMsendami obesanda kungena
