October 20, 2026
images (1)

IMamelodi Sundowns ibuye ngemuva yashaya iT S Galaxy ngo 3-2 emdlalweni weBetway Premiership ngolwesibili ebusuku.

IMamelodi Sundowns ibibonakala izohlulwa ngesikhathi IGalaxy ihamba phambili sekusele amanenjana umdlalo uphele.

Kodwa labompetha base Afrika bakhombise ukungadikibali bagcina baphuma benqobile.

ISundowns ivule inkundla ngegoli lika Bryan Leon oshaye iphenathi ngemuva kokuthi uJunior Zindonga enza iphutha ewisa uTashrique Mathews ebhokisini.

IGalaxy ayizange idikibale njengoba uVictor letsoalo eshaye igoli lokulinganisa ngaphambi kwekhefu.kwaze kwaphela isiwombe sokuqala amaqembu ebambene ngo1-1

Iqembu laseMpumalanga libe selithatha izintambo ngomzuzu ks-77 okwenze kwabonakala sengathi lizowacosha wonke amaphuzu

Kodwa uSphelele Mkhulise waba iqwawe leMamelodi Sundowns ngesikhathi equlela phakathi amagoli amabili emizuzwini eyisishagolombili yokugcina

Lokhu kuphendule amatafula futhi kwaqinisekisa ukunqoba kwaMasandawana ngo3-2

Kweminye imidlalo iChippa unitrd idlale ngokulingana 1-1 ne Richards Bay kwathi iMarumo Unites yadlala ngokulingana 0-0 neKruger United

IPolokwane City neStellenbosch FC bona banike abalandeli umbukisl wamagoli.njengoba umdlalo uphele ngo3-3

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *