October 21, 2026
Screenshot_20260806_191101

Ukaouteni weDurban City .uSiphamandla Ncanana usecacise ngamazwi akhe acasule izikhulu ze-Orlando Pirates ngasekuphelenikwesizini edlule.

Ngemuva komdlalo owaphela zibambene ngo0-0 e-Orlando Amstel Arena .uNcanana .owahlonishwa ngendondo yeMan of the Match .wathi iPirates ‘yigama nje’

La mazwi awazange amukelwe kahle ekhempini yePirates .Omunye wezikhulu zaleli qembu .uMpumi Khoza .wabonakala ethethisa abadlali ngemuva komdlallo .ethi bavumele abantu ukuthi bangayihloniphi iPirates.

La maqembu azophinde abhekane ngoMgqibelo e-Orlando Amstel Arena emdlalweni weMTN8 .okwenza lendaba ibe namandla kakhulu.

USiphamandla Ncanana uthe abantu abazange bakuqonde kahle ayeqonde ukukusho nge-Orlando Pirates ngaleso sikhathi.

‘Engangikusho ukuthi mhlawumbe abantu abazange bawaqonde kahle amazwi ami ‘ kusho uNcanana

‘Akukhona ukuthi bengingahloniphi iPirates noma nginenzondo ngayo.

‘Sonke siyazi ukuthi IPirates yiqembu elikhulu ebholeni laseNingizimu Afrika ‘

Uthe ngesikhathi unompempe eqala umdlalo sekusuke kungasekhona ngamagama amaqembu .

‘Uma unompempe eseshaye impempe yokuqala umdlalo .kuba ngabadlali abangu11 abasuke bebhekene nabanye abangu-11

Akusabe kusaba ngePirates noma elinye iqembu ‘kwengeza lo mdlali.

‘Ngangizama ukusho ukuthi kumele siqine.hhayi ukungahloniphi i-Orlando Pirates ‘kuphetha uNcanana

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *