October 20, 2026
IMG-20260722-WA0002

IMamelodi Sundowns seyethule ngokusemthethweni ijezi layo lasekhaya elizogqokwa ngesizini ka-2026/2027

Into eheha amehlo kakhulu ngaleli jezi inkanyezi yesibili ebekwe ngenhla kophawu lweqembu

Le nkanyezi iqinisekisa impumelelo yeMamelodi Sundowns emqhuqelwaneni weCaf Champanions league ngesizini edlule.

Leli qembu liqophe umlando ngokunqoba isicoco sayo sesibili ngaphansi komqeqeshi uMiguel.Cardoso.

Ijezi elisha ligcine imibala yalo ejwayelekile ephuzi nokuhlaza okwesibhakabhaka .kodwa selihlotshiswe ngophawu olusha olubomvu lwePuma olunikeza ukubukeka okuhlukile

Nakuba izinguquko zingeziningi .inkanyezi yesibili yiyo eqgamisa kakhulu leli jezi futhi ikhombisa ukubusa kweSundowns ebholeni lase-Afrika.

Nokho .abalandeli baMasandawana kuzomele.babekezele ngoba ijezi alikezukutholakala okwamanje.

Iqembu liqinisekise ukuthi leli jezi lizotholakala ezitolo nasezinkundleni ezidayisa ngebinthanethi kusukela ngoJulayi 31

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *