October 21, 2026
images (1)

Iqembu laseBelgium .iRoyale Union Saint .Gilloise.selimemezele ngokusemtbethweni uRelebohile Mofokeng njengomdlali walo omusha ngemuva kokumthenga kwi-Orlando Pirates.

Lo mdlali oneminyaka engu-21 usayine inkontileka yeminyaka emine .ezomgcina kuleli qembu kuze kube maphakathi no -2030

Le nkontileka iphinde inike iqembu ilungelo lokwelula inkontileka ngomunye unyaka.

UMofokeng ufike eBelgium ngemuba kokigqama kwi+,Orlando Pirates .lapho abe ngomunye wabadlali abahamba phambili .

Futhi usize ezimnyama zanqoba isococo seBetway Premiiership.IMTN8. NeCarling knockout ngesizini edlule .

Uphinde wadlala indima enkulu kwiBafana Bafana endebeni yomhlaba ka-2026 ebise US.Canada .naseMexico.

Uqale imidlalo emibili .okubalwa nowomzuliswano ka-32 neCanada lapho edlale khona ebhekene nozakwabo omusha .uPromise David.

Ekhuuma ngemuva kokusayina inkontileka yakhe .uRelebohile Mofokeng uthe ujabule kakhulu ngokufeza iphupho lakhe.

“Ngijabule kakhulu ukuba lapha” kusho lesihlabani esisakhula sikhuluma nabeqembu

“Bekuyiphupho lami ukudlala e-Europe futhi ngibheke ngabomvu ukuqala umkhankaso wokuhlungela iChampanions League ” kusho uMofokeng.

“UNyaka odlule ubungowokhethekile kimi.nginqobe iligi ne-,Orlando Pirates .ngadlala indebe yomhlaba yami yokuqala neBafana Bafana .manje sengithathe elinye igxathu elikhulu emsebenzini wami

“Ngiyethemba ukuthi ngizoqhubeka nokukhula njengomdlali lapha

“Mina neqembu sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuwina isicoco”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *