October 20, 2026
images

Sekunomunye umqeqeshi weqembu lePremier Soccer League (PSL) osegawulwe izembe njengoba izinto zingahambj kahle.

IMarumo Gallants isimemezele ngokusemthethweni ukumiswa komqeqeshi u-Alexandre Lafitte ngomsombuluko ekuseni

Lesisinqumo size ngemuva kochungechunge lwemiphumela engemihle ebone Imarumo iqhuzuka iya ezindaweni zokudliwa yizembe.

Nazi izizathu zokumiswa kwakhe

Esitatimendeni esikhishwe abaphathi beqembu iMarumo baveze izizathu ezimbili zokumiswa kwalomqeqeshi oneminyaka engu-27 ubudala.

*Ukungathobeli imigomo yenkontileka .izinkinga eziphathelene nokwehluleka ukufeza imisebenzi ethile ebalulwe kwinkontileka yakhe
*ukubhimba kwezinto enkundleni ukulahleka komgqigqo kwakamuva okwenze ikilabhu yadonsa kanzima ukufumana amaphuzu.
Okufake usawoti esilondeni ukuhlulwa ngo3-0 i+Orrlando Pirates nokudlala ngokulingana neRichards Bay

“Ikilabhu izibheke ngeso elibukhali izindaba zokuphatha .ubungcweti.nokuziphendulela “kusho isitatimende

“Abaphathi bakhathezekile ngokungenzi kahle kweqembu njengamanje futhi bazomemezela umqeqeshi ozobamba ngokuhamba kwesikhathi’

Umkhankaso wokufuna umqeqeshi

Ulafitte owalethwa ukuze ajike indlela yokudlala .uthwale kanzima ukujwayela iznga le-PSL

Njengoba sekusele imidlalo engu-12 kuphela kulesizini .iGallants izithola isesimweni esibucayi .

*indawo ekuyo njengamanje isendaweni ka-14 kwilog yeBetway Premiership
*ifomu yakamuva .inqobe kanye emidlalweni emihlanu edlule.
*umdlalo olandelayo izobhekana neDurban City-nayo ebhekene nezinguquko ethimbeni labaqeqeshi Kulandela ukushiya kuka Ernest Middendorp
.
Ukumiswa kwakhe kuzolandelwa yisigungu esikhulu sangaphakathi sokuqondiswa ubugwegwe .

Yize ikilabhu ingazange ichaze kabanzi’ ngale misebenI ekwinkontileka ” angayenzi amahlebezi akhomba ukungqubuzana ethimbeni labaqeqeshi.

Kuvele ukuthi kube nokuhlukana kwemibono phakathi kwakhe nomqondisi wezokuqeqesha ngabadlali abasayiniwe .nabadayisiwe ngojanuwari

Ikilqbhu iqinisekise abalandeli ukuthi ukusebenza kuyaqhubeka “njengokujwayelekile” ngaphansi kwamaphini akhe.

Sekuvele kusabalele amahlebezi okuthi abaqeqeshi bakudala uDylan Kerr noma iDan Malisela yibo okukhulunywa nabo ngokuthi bazovikisa izembu izembe

Ngokumisa uLafitte .ikilabhu ibheke ukujika izinto ukuze ingazitholi seyehlela kwiMotsepe foundation Champanionship

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *