Uwotha ubomvu umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ngokungafiki komunye wabadlali bakhe ngesikhathi abebekelwe sona ekhempini.
IBafana iqale ikhempu yayo yokulungiselela iCaf Africa of Nations(AFCON) kuleli sonto kanti abadlali bePirates bebenikwe ikhefu elengeziwe
Ngesikhathi abanye abadlali betheleke ekhempini abezimnyama bona bekufanele batheleke ngolwesithathu
Ngenxa yokuthi bebenikwe izinsukwana kwazise bebedlala ngempalasonto umdlalo wefinal weCarling.
Okucike kakhulu uHugo ukufika kuka mbekezeli sekwedllule isikhathi abebekelwe sona njengoba eshiywe indiza ebekumele abe kuyo
Lendiza beyisuka eThekwini iya eGoli uHugo uveze kwabezindaba ethi lesisimo asimphathanga kahle
“Umbokazi uqeda ukufika manje nje mhlambe isikhathi esiyimizuzwana engu-15 ezayo” kusho uHugo
“Bengingafuni ukukhuluma ngalento kodwa ngoba senibuzile kufanele nginazise ukuthi angijabule ngayo.
“Usazise izolo(ngolwesibili) ukuthi ushiywe indiza eThekwin futhi kube umqeqeshi wePirates ongazise lokhu
“Naye ubecasukile ngokuthi ushiywe yindiza ngoba ngokusho kwakhe lokhu kucacisa ukilungawuhloniphi umsebenzi’
Kukholakala ukuthi ubevunyelwe ukuya ekhaya izinsukwana njengoba kuzothi ngemuva kwe Afcon amabombo awabhekise e-us lapho eyojoyina khona Chicago fire.
