October 21, 2026
WhatsApp Image 2025-09-22 at 20.14.15 (1)

EZikamagebhula zibukise ngeqembu lase Lesotho I LIOLI FC  ,njengoba bezidudulana emzulwiswaneni wokuqala wemidlalo  yokuhlungela  isigaba samaqoqo se Caf Champions League.

Umlenze wokuqala bekuwumdlalo wasekhaya we Llioli kodwa udlalelwe etoyota Stadium e Bloemfontein ngehola lesithathu ngenxa yokungabibikho kwezinkundla ezifanele imidlalo yalelizinga eLesotho.

Leliqembu alikatholi ithuba lokudlala imidlalo eminingi esemthethweni ngenxa yokuthi iligi yase Lesotho I Vodacom Premier League iqale ngempelasonto edlule ,mhlambe yikho lokhu okube nomthelela omkhulu ukuthi igcine ihlulwe ngamathathu eqandeni .

Ngoba ngakolunye uhlangothi ezikamagebhula bezidlala umddlalo wayo wesishagalolunye kulesizini,iguqisa I Stellenbosch fc ngo 3 -0 kowamanqamu we MTN8.ezikamagebhula sezidlale imidlalo emine kwi mtn 8 ,nemihlanu kwibetway Premiership

Ezikamagebhula beziwuphethe umdlalo kwisiwombe sokuqala kwanqaba wona amagoli ngesiwombe sesibili ibuye ingasagayelwa mphako ilokhu inqgonqgoze njalo emapalini eqembu lase Lesotho,akumangazanga ukuthi ngomzuzu ka 54 uMabasa ushaye igoli lokuqala alandelise ngelesibili kumzuzu ka 57,kwazothi u Appollis waqobela elokugcina ngesikhathi sikanondweba esengeziwe lokhu okuzokwenza kube lukhuni kakhulu kumlenze wesibili ozodlalelwa e Orlando Stadium kulomqgibelo 27 September  ngo 3 ntambama

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *