October 20, 2026
unnamed

Nasreddine Nabi, coach of Kaizer Chiefs reacts during the Betway Premiership 2025/26 match between Kaizer Chiefs and Sekhukhune United at FNB Stadium in Johannesburg on 16 September 2025 ©Samuel Shivambu/BackpagePix

Sekuputshuke imibiko ethi umqeqeshi we kaizer chief uNasreddine Nabis uzolishiya leliqembu futhi sekuvunyelwene ukuthi cha akuhlukwane.

Ezisicaphune kwiDiski Times  ,uNabi ngeke abe khona uma leliqembu selibhekene ne Kabuscop s.c.p edlala kwi Gllabola,e Angola,emdlalweni we CAF confederation cup kulempelasonto.

Sikhuluma nje kuthiwa uNabi amabombo vele asebheke ekhaya eTunisia ukuyonakekela umkakhe owalimala kulenyanga edlule.

Njengoba sazi ukuthi emva kokulimala komkakhe akabanga khona emidlalweni emithathu yokuqala yesizini yamakhosi

Lapho khona abafana bokuthula noxolo lapha amakhosi awathatha wonke amaphuzu awu 9 ,ahlula iStellenbosch fc,iPolokwane city,kanye ne Richards bay fc.

uNabi wabuya emdlalweni wesine wabhekana neMamelodi Sundowns lapho kwaba 0-0 emdlalweni wesihlanu ushaye iGolden Arrows ngo 1-0 okumenze wagcina esenamaphuzu awu 13

Isekhukhune united ivele yalinqamula lelirekhodi izolo ngolwesibili lapho Amakhosi ashaywe ngo 3-1 kowe betway premierchip efnb stadium.

Kanti uNabi uqede isomiso sezindebe lapho enqobe khona indebe ye Nedbank Cup  eshaya I Orando Pirates kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium ngenkathi efika wabe efike nethimba lakhe labaqeqeshi okizobonakala ke ukuthi ngabe inqola izohambi yini noseyili

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *